Skip to Content

UHezekeli Chapter 12

1 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 Ndodana yomuntu , wena uhlala pha kathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa , abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo. 3 Wena ndodana yomuntu , zenzele impahla yokuhamba , usuke emini emehlweni abo , umuke endaweni yakho emehlweni abo , uye kwenye ; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo. 4 Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengok uphuma ukuya ekuthunjweni. 5 Gebhula ogangeni emehlweni abo, uyikhiphe impahla khona. 6 Uyakuyithwala ehlombe emehlweni abo, uyikhiphe sekumnyama, usibekele ubuso bakho , ukuze ungaboni izwe , ngokuba ngikubeke ukuba ube yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli. 7 Ngenza njengokungiyala kwakhe ; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla , nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo. 8 Lase lifika izwi likaJehova ekuseni, lathi: 9 Ndodana yomuntu , ayishongo kuwe yini indlu yakwa -Israyeli, indlu ehlubukayo, yathi: Wenzani na? 10 Thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lesi siprofetho ngesesikhulu saseJerusalema nesabo bonke abendlu yakwa-Israyeli abaphakathi kwalo. 11 Thana: Ngiyisibonakaliso senu ; njengalokho ngenzile , kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe. 12 Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama , siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona , sisibekele usubo baso , ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso. 13 Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso , sibanjwe ogibeni lwami ; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona. 14 Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo. 15 Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibahlakazela ezizweni , ngibasabalalisele emazweni. 16 Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni , nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova. 17 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 18 Ndodana yomuntu, yidla isinkwa sakho ngokuqhaqhazela , uphuze amanzi akho ngokuthuthumela nangokwesaba, 19 uthi kubantu bezwe: Isho kanje iNkosi uJehova ngabakhileyo eJerusalema ezweni lakwa -Israyeli, ithi: Bayakudla isinkwa sabo ngokwesaba , baphuze amanzi abo n gokumangala, ngokuba izwe lalo liyakuchithwa , laphucwe konke ukugcwala kwalo ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo. 20 Imizi ehlalwayo iyakuchithwa , izwe libe yincithakalo , nazi ukuthi nginguJehova. 21 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 22 Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa -Israyeli sokuthi: Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile, na? 23 Ngalokho thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga , bangabe besafanisa ngaso kwa -Israyeli, kepha khuluma kubo ngokuthi: Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke. 24 Ngokuba akusayikuba khona umbono oyize nokubhula okuthophayo endlini yakwa-Israyeli. 25 Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma , lenzeke, lingabe lisalitshazi swa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova. 26 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 27 Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude. 28 Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.