Skip to Content

UHezekeli Chapter 14

1 Kwafika kimi amadoda amalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami. 2 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 3 Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinh liziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo . Impela ngiyakubuzwa yiwo na? 4 Qha! Ngalokho khuluma kuwona , uthi kuwo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe , abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi , mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe, 5 ukuze ngibambe indlu yakwa -Israyeli ngenhliziyo yabo , ngokuba bo nke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo. 6 Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu , nifulathele zonke izinengiso zenu. 7 Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami , angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe , eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi , mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami, 8 ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu , ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga , ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami , nazi ukuthi nginguJehova. 9 Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi , mina Jehova ngimyengile lowo mprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe , ngimchithe phakathi kwabantu bami u-Israyeli. 10 Bayakuthwala ukona kwabo , ukona kob uzayo kube njengokona komprofethi, 11 ukuze indlu yakwa -Israyeli ingabe isaduka kimi , ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke , kepha ibe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova. 12 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 13 Ndodana yomuntu , lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko , ngelulele isandla sami phezu kwalo , ngaphule uzime lwalo lwesinkwa , ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane, 14 noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu , oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova. 15 Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo , ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane, 16 noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , ayengayikophula amadodana noma amadodakazi , ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo. 17 Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe , ngithi: Inkemba mayidabule ezweni, ukuze nginqume kulo abantu nezilwane, 18 noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , ayengayikophula amadodana noma amadodakazi , ophulwe wona odwa. 19 Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe , ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, 20 noma bebekhona oNowa , noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo , kuphila kwami, isho iNkosi uJehova , bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo. 21 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kakhulu kangakanani , lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na? 22 Kepha bheka , kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa , amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo , niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo. 23 Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo , nazi ukuthi angenzanga n gaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo , isho iNkosi uJehova.