Skip to Content

UHezekeli Chapter 19

1 Phakamisa wena isililo ngezikhulu zakwa-Israyeli, uthi: 2 Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama! Yabuthisa phakathi kwamabhongo, yondla amawundlu ayo. 3 Yakhulisa elinye lamawundlu ayo , laba yibhongo ; lafunda ukubamba impango, ladla abantu. 4 Izizwe zezwa ngalo , labanjwa emgodini wazo ; zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe. 5 Nxa isilindile , yabona ukuthi ithemba layo liphelile ; yathatha elinye lamawundlu ayo, yalenza ibhongo. 6 Lahambahamba phakathi kwezingonyama , liyibhongo; lafunda ukubamba impango, ladla abantu. 7 Labhidliza izinqaba zabo, lachitha imizi yabo , izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo. 8 Izizwe zase zilihlelela nxazonke , zivela emazweni , zeneka phezu kwalo inetha, labanjwa emgodini wazo. 9 Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe, zaliyisa enkosini yaseBabele, zalingenisa ezinqabeni ukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa - Israyeli. 10 Unyoko wayenjengomvini , usahlezi ngokuthula , utshalwe ngasemanzini ; wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi. 11 Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo ; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi , waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi. 12 Kepha wasishulwa ngokufutheka , waphonselwa phansi , umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo ; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa , sabuna, umlilo wasiqeda. 13 Manje usutshaliwe ehlane ezweni elishileyo nelomileyo. 14 Umlilo uphumile esiqwini sawo , wadla amagatsha awo nezithelo zawo , kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa. Lokhu kuyisililo; makube yisililo.