UHezekeli Chapter 2
1
Wathi kimi : Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho , ngiyakukhuluma nawe.
2
Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi , wangimisa ngezinyawo zami , ngamuzwa owakhuluma kimi.
3
Wathi kimi: Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.
4
Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala ; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
5
Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo , bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.
6
Wena ndodana yomuntu , ungabesabi, ungesabi namazwi abo , noma amakhakhasi nameva kukuwe , uhlezi phakathi kwawofezela ; ungawesabi amazwi a bo, ungapheli am andla ngobuso babo , ngokuba bayindlu ehlubukayo.
7
Uyakukhuluma amazwi ami kubo , noma bezwa noma benganaki , ngokuba bangabahlubuki.
8
Kepha wena ndodana yomuntu , yizwa engikukhulumayo kuwe , ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo ; vula u mlomo wakho , udle engikunika khona.
9
Ngase ngibheka , naso isandla saselulelwe kimi , naphakathi kwaso , bheka, ngumqulu wencwadi.
10
Waweneka phambi kwami ; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle , kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: Maye!