Skip to Content

UHezekeli Chapter 32

1 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili , ngenyanga yeshumi nambili , ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi: 2 Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe , uthi kuye: Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe , kepha unjengodrako elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho , unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo. 3 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho ngesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami. 4 Ngiyakukuphonsa emhlabathini , ngikuntshinge endle , ngihlalise phezu kwakho zonke izinyoni zezulu, ngisuthise zonke izilwane zomhlaba ngawe. 5 Ngiyakubeka inyama yakho ezintabeni , ngigcwalise izigodi ngezidumbu zakho. 6 Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakho ngegazi lakho kuze kube sezintabeni, imifudlana igcwale ngawe. 7 Lapho ngikucisha , ngiyakusibekela izulu , ngenze mnyama izinkanyezi , ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo. 8 Ngiyakwenza mnyama phezu kwakho zonke izinkanyiso zezulu ezikhanyayo, ngibeke ubumnyama ezweni lakho, isho iNkosi uJehova. 9 Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi , lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni emazweni ongawazanga. 10 Ngiyakwenza ukuba abantu abaningi bamangale ngawe , amakhosi abo aqhakanyeke, lapho ngisikaza ngenkemba phambi kwawo , aqhaqhazele imizuzwana yonke , kube yileyo naleyo ngokuphila kwayo ngosuku lokuwa kwakho. 11 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehov a, ithi: Inkemba yenkosi yaseBabele iyakukwehlela. 12 Ngezinkemba zamaqhawe ngiyak uwisa isixuku sakho , bonke bengabesabekayo bezizwe; bayakuchitha ukuziphakamisa kweGibithe , sonke isixuku salo sichitheke. 13 Ngiyakuqothula zonke izinkomo zalo ezingasemanzini amaningi , angabe esanyakaziswa lunyawo lomuntu, anganyakaziswa yizinselo zezinkomo. 14 Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle , ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova. 15 Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane , izwe elingasenokugcwala kwalo , lapho ngibulala bonke abakhe kulo , khona bayakwazi ukuthi nginguJehova. 16 Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso ; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova. 17 Kwathi ngomnyaka weshumi nambili , ngolweshumi nanhlanu lwenyanga , izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 18 Ndodana yomuntu , khalela isixuku saseGibithe , usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba , sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo , kanye nabehlela egodini. 19 Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile. 20 Bayakuwa phakathi kwabagwazwe n genkemba; linikelwe enkembeni ; lihuduleni nazo zonke izixuku zalo. 21 Abanamandla bamaqhawe bayakukhuluma ngalo nangabasizi balo , bephakathi kwendawo yabafileyo , bathi: S ebehlile, sebelele abangasokile , bebulewe ngenkemba. 22 Lapho kukhona i -Asiriya neviyo lalo lonke , amathuna alo engakulo nxazonke, bonke bebulewe bewe ngenkemba, 23 amathuna alo engaphakathi kwegodi, iviyo lalo lizungeza ithuna nxazonke, bonke balo bebulewe bewe ngenkemba , labo ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo. 24 Lapho kukhona i-Elamu nesixuku sonke salo nxazonke zethuna , bebulewe bonke bewe ngenkemba , abehlele ezindaweni eziphansi komhlaba bengasokile, ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo ; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini. 25 Phakathi kwabagwaziweyo balib ekele umbhede kanye naso sonke isixuku salo, amathuna aso engakulo nxazonke , bonke balo bengabangasokile , bebulewe n genkemba, ngokuba kwabangwa ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini ; yebo, libekiwe phakathi kwababuleweyo. 26 Lapho kukhona oMesheke noThubali naso sonke isixuku sabo , amathuna abo engakubo nxazonke , bonke babo bengabangasokile , bebulewe ngenkemba, ngokuba babebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo. 27 Laba babangasokile abawileyo abayikulala namaq hawe ehlela endaweni yabafileyo enezikhali zawo zokulwa , abekwa izinkemba zawo phansi kwamakhanda, nezihlangu zawo ziphezu kwamathambo awo , ngokuba besabisa amaqhawe ezweni labaphilayo. 28 Nawe uyakwaphulwa phakathi kwabangasokile , ulale nababulewe ngenkemba. 29 Lapho kukhona u -Edomi, amakhosi akhe nazo zonke izikhulu zakhe , abathe nakuba bebe nobuqhawe babekwa nababulewe ngenkemba ; bayakulala nabangasokile nabehlela egodini. 30 Lapho kukhona izikhulu zasenyakatho , zonke zazo , nabo bonke abaseSidoni, abehlile nabagwaziweyo ; nakuba bebesatshwa ngenxa yobuqhawe babo , sebejabhile, balele bengasokil e nababulewe ngenkemba , bethwala amahloni kanye nabehlela egodini. 31 UFaro uyakubabona , aduduzeke ngaso sonke isixuku sakhe ; ubulewe ngenkemba uFaro nayo yonke impi yakhe, isho iNkosi uJehova. 32 Ngenza ukuba esatshwe ezweni labaphilayo , kepha useyakulaliswa uFaro naso sonke isixuku sakhe phakathi kwabangasokile nababulewe ngenkemba , isho iNkosi uJehova.