Skip to Content

UHezekeli Chapter 37

1 Isandla sikaJehova sasiphezu kwami , sangikhipha ngoMoya kaJehova , sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo. 2 Wangidlulisa kuwo , ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu. 3 Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na ? Ngathi: Nkosi Jehova, wena uyazi. 4 Wayesethi kimi : Profetha phezu kwalawa mathambo , uthi kuwo : Nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova. 5 Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile. 6 Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu , ngihlumise inyama phezu kwenu , nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova. 7 Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe , nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo. 8 Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo , kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo. 9 Wayesethi kimi : Profetha kuwo umoya , profetha, ndodana yomuntu , uthi kuwo umoya: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Woza, moya, uvele emimoyeni yomine, uphefumulele laba ababuleweyo ukuba baphile. 10 Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe ; umoya wangena kuwo , aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu impela. 11 Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa- Israyeli; bathi: Bheka, amathambo ethu omile , ithemba lethu liphelile , sinqunyiwe. 12 Ngalokho profetha , uthi kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli. 13 Niyakwazi ukuthi nginguJehova , lapho sengiwavulile amathuna enu , nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami. 14 Ngiyakuwufaka uMoya wami kini , nize niphile , nginibeke ezweni lakini , nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova. Izinti ezimbili 15 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 16 Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe . Thatha enye induku , ulobe kuyo ngokuthi: EkaJosefa, induku ka -Efrayimi neyendlu yonke yakwa - Israyeli, abangane bakhe, 17 uzisondeze enye kwenye, zibe yinduku inye, zibe nye esandleni sakho. 18 Lapho abantu bakho bekhuluma kuwe , bathi: U ngesitshele ukuthi lezi ziyini kuwe na? 19 khuluma kubo , uthi: Isho kan je iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuyithatha induku kaJosefa esesandleni sika -Efrayimi nezizwe zakwa - Israyeli, abangane bakhe , ngiyibeke endukwini kaJuda , ngizenze zibe yinduku inye, babe munye esandleni sami. 20 Izinduku oloba kuzo ziyakuba sesandleni sakho phambi kwamehlo abo. 21 Khuluma kubo , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwa -Israyeli ezizweni lapho baya khona , ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo, 22 ngibenze isizwe sinye ezweni, ezintabeni zakwa-Israyeli, kube yinkosi inye kubo bonke , bangabe besaba yizizwe ezimbili , bangabe besahlukaniselwa imibuso emibili. 23 Abasayikuzingcolisa ngezithombe zabo , nangokuzondekayo kwabo , nangesisodwa seziphambeko zabo , kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlehla kwabo abone ngakho, ngibahlambulule, baze babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo. 24 Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo , kube ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze. 25 Bayakuhlala ez weni engilinike inceku yami uJakobe , ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo , nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade. 26 Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo , sibe yi sivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade. 27 Itabernakele lami liyakuba phezu kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. 28 Izizwe ziyakwazi ukuthi mina Jehova ngiyangcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele ikhona phakathi kwabo kuze kube phakade.