UHezekeli Chapter 39
1
Wena ndodana yomuntu , profetha ngoGogi , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali.
2
Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyuse ekugcineni komhlaba , ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli,
3
ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene.
4
Uyakuwa ezintabeni zakwa -Israyeli, wena namaviyo akho onke , nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.
5
Uyakuwa ebusweni bomhlaba, ngokuba mina ngikhulumile , isho iNkosi uJehova.
6
Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini , bazi ukuthi nginguJehova.
7
Ngiyakwenza ukuba laziwe igam a lami elingcwele phakathi kwabantu bami u -Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli.
8
Bheka, kuyeza, kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova ; yilolo suku engikhulume ngalo.
9
Abahlala emizini yakwa -Israyeli bayakuphuma , baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu , iminsalo nemicibisholo , nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa.
10
Abayikuthatha muthi endle , bangagawuli emahlathini , ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali , baphange ababaphangay o, bamuke ababamukileyo, isho iNkosi uJehova.
11
Kuyakuthi ngalolo suku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna , kwa- Israyeli, isiGodi Sabadlulayo ngasempumalanga kolwandle , ivimbe abadlulayo, bembele khon a uGogi naso sonke isixuku sakhe , bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoni Gogi.
12
Indlu yakwa -Israyeli iyakubembela izinyanga eziyisikhombisa , ukuze ihlambulule izwe.
13
Bonke abantu bezwe bayakubembela , kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.
14
Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe , bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.
15
Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu , bayakumisa isiboniso eceleni kwalo , abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi.
16
Kuyakuba khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni . Bayakuhlambulula kanjalo izwe.
17
Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu , umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.
18
Niyakudla inyama yamaqhawe , niphuze igazi lez ikhulu zomhlaba , elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke.
19
Niyakudla amanoni nize nisuthe , niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu.
20
Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi, isho iNkosi uJehova.
21
Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe , zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.
22
Isiyakwazi indlu yakwa-Israyeli ukuthi nginguJeho va uNkulunkulu wabo , kusukela kulolo suku kuya phambili.
23
Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwa -Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo ; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba.
24
Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo , ngasitheza ubuso bami kubo.
25
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa -Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.
26
Bayakuthwala ihlazo l abo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi , lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,
27
lapho ngibabuyisile kubantu , ngibabuthile emazweni ezitha zabo , ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi.
28
Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNk ulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe , nangokuba ngababutha ezweni lakubo ; angisayikushiya muntu wabo khona;
29
angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.