UHoseya Isahluko 10
1
U-Israyeli wayengumvini owenabileyo , ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.
2
Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.
3
Yebo, manje bayakuthi: Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; kepha inkosi ingasenzelani na?
4
Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.
5
Abakhileyo eSamariya bayakuba noval o ngenxa yamathole aseBeti Aven i, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.
6
Iyakuyiswa e -Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi ; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.
7
Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.
8
Izindawo eziphakemeyo zase -Aveni, isono sakwa -Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema -altare abo ; bayakuthi kuzo izintaba: Sisibekeleni, nakuwo amagquma: Welani phezu kwethu.
9
Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile , Israyeli; bema khona ; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?
10
Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.
11
U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo , esithanda ukubhula amabele ; kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle ; sengiyakumbophela u -Efrayimi, uJuda alime, uJakobe azidubele.
12
Zihlwanyeleleni ngokulunga , niyakuvuna ngomusa; qathani umqatho wenu; sekuyisikhathi sokumfuna uJehova , aze afike , anise ukulunga phezu kwenu.
13
Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga , ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.
14
Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho , zichithwe zonke izinqaba zakho , njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.
15
Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu ; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.