UHoseya Isahluko 13
1
Lapho u-Efrayimi ekhuluma , kwavela ukuthuthume la; wayephakeme kwa - Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
2
Manje benezela ekoneni , bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva lab o nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: Bahlaba abantu, kepha banga amathole.
3
Ngalokho bayakuba njengamafu okusa , nanjengamazolo amuka ekuseni , nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni nomusi ophuma ngefasitele.
4
Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakh o kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu , nomsindisi akak ho ngaphandle kwami.
5
Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.
6
Basutha njengamadlelo abo; basutha, nenhliziyo yabo yaphakama; ngalokho bangikhohliwe.
7
Ngase ngiba njengengonyama kubo, ngiqamekela endleleni njengengwe.
8
Ngitheleka phezu kwabo njengebhere elaphuciwe amawundlu alo , ngidwengula ubhedu lwenhliziyo , ngibadle njengengonyamakazi , isilwane sasendle sibaqaqe.
9
Ngukuchithwa kwakho, Israyeli, ngokuba uphambene nami, usizo lwakho.
10
Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: Ngiphe inkosi nezikhulu ?
11
Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami, ngayisusa ngolaka lwami.
12
Ububi buka-Efrayimi buboshiwe, isono sakhe sibekelelwe.
13
Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.
14
Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo , ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho , kufa, kuphi ukuchitha kwakho , ndawo yabafileyo , na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.
15
Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane ; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.
16
ISamariya liyakuthwala icala lalo , ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo ; bayakuwa ng enkemba, izingane zabo zichotshozwe , abakhulelweyo babo baqaqwe.