UHoseya Chapter 2
1
Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.
2
Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3
funa ngimhlubule abe nqunu , ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane , ngimbeke abe njengezwe elomile yo, ngimbulale ngokoma.
4
Angiyikuhawukela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.
5
Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi : Ngiyakulandela izithandwa zam i ezinginika isinkwa sami namanzi ami , uboya bami bezimvu nefilakisi lami , amafutha ami nokuphuza kwami.
6
Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva , ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.
7
Uyakulandela izithandwa zakhe , kepha akayikuzifica ; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni ya mi yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.
8
Kepha akazanga ukuthi yimin a engamnika amabele , newayini elisha , namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.
9
Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo , newayini lami elisha ngenkathi yalo , ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokusibekela ubunqunu bakhe.
10
Sengiyakwambula ihlazo lakh e emehlweni ezithandwa zakhe ; akuyikubakho omophula esandleni sami.
11
Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe , imikhosi y akhe, nokwethwasa kwenyanga , namasabatha akhe , nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
12
Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakh e ashilo ngakho , wathi: Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami ; ngiyakukwenza kube yihlathi, izilwane zasendle zikudle.
13
Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBal i owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle , wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.
14
Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.
15
Lapho ngiyakumnika izivini zakhe , nesigodi sase -Akori sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakh e nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
16
Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova, ungibize ngokuthi: YiNdoda yami, ungasangibizi ngokuthi: NguBali wami.
17
Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe, bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.
18
Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle , nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.
19
Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade , ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele.
20
Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami ; uyakumazi uJehova.
21
Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule, usho uJehova, ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba.
22
Umhlaba uyakuphendula amabele , newayini elisha , namafutha, khona kuphendule uJizreyeli.
23
Ngiyakuzitshalela yena ezweni , ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami : Ningabantu bami , bona bathi : UnguNkulunkulu wethu.