Skip to Content

UJeremiya Chapter 1

1 Amazwi kaJeremiya , indodana kaHilikiya , wabapristi ababe se -Anathoti ezweni lakwaBenjamini, 2 okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe; 3 lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu. 4 Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: 5 Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi ; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni. 6 Kepha ngathi: Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana. 7 Kepha uJehova wathi kimi : Ungasho ukuthi ungumntwana , ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo , nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. 8 Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule, usho uJehova. 9 UJehova wayeselula isandla sakhe , wawuthinta umlomo wami ; uJehova wathi kimi: Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. 10 Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala. 11 Izwi likaJehova lafika kimi futhi , lathi: Jeremiya, ubonani na ? Ngathi: Ngibona igatsha lomalimondi. 12 Wayesethi uJehova kimi : Ubone kahle , ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze. 13 Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili , lithi: Ubonani na ? Ngathi: Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho. 14 Wayesethi kimi uJehova : Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho , kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba. 15 Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho, usho uJehova. Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobu khosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema , nakuzo zonke izingange zalo nxazonke , nakuyo yonke imizi yakwaJuda. 16 Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo. 17 Ngalokho bopha izinkalo zakho , usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo , funa ngiqede amandla akho ebusweni babo. 18 Ngokuba bheka , ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo , nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke , nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe. 19 Bayakulwa nawe , kepha abayikukwahlula , ngokuba nginawe, usho uJehova, ukuba ngikophule.