UJeremiya Chapter 12
1
Ulungile wena Jehova , noma ngimelana nawe ; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?
2
Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.
3
Kepha wena Jehova u yangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yam i ukuthi injani kuwe ; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa , ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
4
Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khon a izinkomo nezinyoni ziyabhubha , ngokuba bathi : Akayikubona ukugcina kwethu.
5
Uma ugijimile nemigundatshani , yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
6
Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe. Ukumenyezelwa kokubhujiswa
7
Ngiyishiyile indlu yami , ngililahlile ifa lami , nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.
8
Ifa lami likim i njengengonyama ehlathini ; lingiphumisele izwi ; ngalokho ngiyalizonda.
9
Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi , amanqe angakulo alihaqile nxazonke ; hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.
10
Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.
11
Basenze incithakalo ; siyincithakalo, sikhala kimi ; izwe lonke lichithiwe , kepha akakho okubeka enhliziyweni.
12
Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlab a kuze kufike komunye , nenyama enokuthula ayikho.
13
Bahlwanyele ukolweni , bavuna ameva , bakhandlekile bengasizakalanga ; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zen u ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.
14
Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi , abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.
15
Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile , ngibuye ngibaha wukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe , kube yilowo nalowo ezweni lakubo.
16
Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi : Kuphila kukaJehova, njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.
17
Kepha uma bengalaleli , ngiyakusisiphula nokusisiphula lesi sizwe , ngisichithe, usho uJehova.