UJeremiya Isahluko 14
1
Izwi likaJehova elafika kuJeremiya ngesigagadu.
2
UJuda uyalila , amasango akhe ad angele, ahlezi emhlabathini edabukile , nokukhala kweJerusalema kwenyukile.
3
Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini ; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.
4
Ngenxa yomhlabathi odabukileyo , ngokuba akubangakho mvula ezweni , abalimi banamahloni, bamboza amakhanda abo.
5
Yebo, nendluzele izalela endle, ilishiye izinyane, ngokuba utshani abukho.
6
Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho , zihogela umoya njengamakhanka; amehlo azo ayaphela, ngokuba kungekho tshani.
7
Noma izono zethu zifakaza ngathi , sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho ; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.
8
Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka , yini ukuba ube njengo mfokazi ezwen i nanjengesihambi esingenisay o ukuba silale ubusuku nje na?
9
Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo , njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.
10
Usho kanje uJehova ngalaba bantu , uthi: Bathanda ukuzula kanjalo , abazibambi izinyawo zabo ; uJehova akathokozi ngabo ; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.
11
UJehova wathi kimi: Ungabakhulekeli laba bantu ukuba baphiwe okuhle.
12
Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kw abo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu , angiyikuthokoza ngabo , kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.
13
Ngase ngithi: E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela , kepha ngiya kuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.
14
Wayesethi uJehova kimi : Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami ; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.
15
Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami , ngingabathumanga, bathi: Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe , uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.
16
Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba ; abayikuba namuntu wokubembela , bona nawomkabo, namadodana abo , namadodakazi abo ; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.
17
Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi : Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku , zinganqamuki, ngokuba i ntombi, indodakazi yabantu bami , ilimele ngokulimala okukhulu , ngokushaywa okunzima kakhulu.
18
Uma ngiphumela endle , bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba , nalapho ngingena emzini , bheka, nampo abaphethwe yindlala , ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.
19
Umlahlile nokumlahla uJuda na ? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa , na? Sihlalela ukuthula , kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.
20
Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.
21
Ungasideleli ngenxa yegama lakho , ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.
22
Kukhona yini phakathi kwawonkulunkul u babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.