Skip to Content

UJeremiya Isahluko 21

1 Izwi elafika kuJeremiya , livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye ethi: 2 Ake usibuzele kuJehova , ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi. 3 UJeremiya wathi kubo: Niyakusho kanje kuSedekiya, nithi: 4 Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu , enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange , ngizibuthe phakathi nalo muzi. 5 Mina ngiyakulwa nani ngesandla eseluliweyo, nangengalo enamandla , nangentukuthelo, nangokufutheka, nangolaka olukhulu. 6 Ngiyakubashaya abakhileyo k ulo muzi, abantu nezilwane; bayakufa ngesifo esikhulu. 7 Ngasemuva, usho uJehova , ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda , nezinceku zakhe , nabantu abasele kulo muzi esifweni , nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele , nasesandleni sezitha zabo , nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo , abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo. 8 Uyakusho kulaba bantu , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa. 9 Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe. 10 Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi , kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo. 11 Yisho endlini yenkosi yakwaJuda, uthi: Zwanini izwi likaJehova lokuthi: 12 O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo ekuseni , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , funa uku futheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimay o ngenxa yobubi bezenzo zenu. 13 Bheka, ngimelene nawe , wena owakhileyo esigodini , wena litshe lasethafeni, usho uJehova , nina enithi : Ngubani oyakusehlela , ngubani oyakungena ezindlini zethu, na? 14 Ngiyakunihambela njengezithelo zezenzo zenu , usho uJehova, ngiphembe umlilo ehlathini labo, uqede konke okungakhona.