Skip to Content

UJeremiya Isahluko 38

1 UShefathiya indodana kaMathani, noGedaliya indodana kaPhashuri , noJukali indodana kaShelemiya, noPhashuri indodana kaMalikhiya bawezwa amazwi uJeremiya awakhulumayo kubo bonke abantu ukuthi: 2 Usho kanje uJehova , uthi: Osele k ulo muzi uyakufa ngenkemba , nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila , nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile. 3 Usho kanje uJehova , uthi: Lo muzi uyakunikelwa nokunikelwa esandleni sempi yenkosi yaseBabele, iwuthathe. 4 Zase zithi izikhulu enkosini: Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo , ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi. 5 USedekiya inkosi wayesethi : Bhekani, usesandleni senu , ngokuba inkosi ayinamandla okuphambana nani ngalutho. 6 Zase zimthatha uJeremiya , zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo , bamehlisa uJeremiya ngezintambo . Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni. 7 U-Ebedi Meleki umKushe , umthenwa, owayesendlini yenkosi , esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini , inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini, 8 u-Ebedi Meleki waphuma endlini yenkosi, wakhuluma enkosini, wathi: 9 Nkosi yami , nkosi, laba bantu benzile okubi ngakho konke abakwenzile kuJeremiya umprofethi, abamphonsile emgodini; uyakufela endaweni lapho ekhona ngokulamba, ngokuba akusekho ukudla emzini. 10 Inkosi yayisimyala u -Ebedi Meleki umKushe , ithi: Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi. 11 U-Ebedi Meleki wabathatha abantu , wahamba nabo, waya endlini yenkosi phansi kwendlu yengcebo , wakhipha khona amadlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo, wawehlisela kuJeremiya emgodini ngezintambo. 12 U-Ebedi Meleki umKushe wathi kuJeremiya : Faka lawa madlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo emakhwapheni phansi kwezintambo . UJeremiya wenze njalo. 13 Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo , bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo. UJeremiya uhlangana ngasese noSedekiya 14 USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi , wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova ; inkosi yathi kuJeremiya : Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho. 15 UJeremiya wathi kuSedekiya : Uma ngikutshela , awuyikungibulala nokungibulala na? Uma ngikululeka, awuyikungilalela. 16 Inkosi uSedekiya yayisifunga ngasese kuJeremiya , yathi: Kuphila kukaJehova owasenzela lo mphefumulo , angiyikukubulala, futhi angiyikukunikela esandleni salawa madoda afuna ukuphila kwakho. 17 Wayesethi uJeremiya kuSedekiya : Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: U ma uphuma nokuphuma , uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila , futhi lo muzi awuyikushiswa ngomlilo, uphile wena nendlu yakho; 18 kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele , lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi , awushise ngomlilo , ungaphunyuki esandleni sabo. 19 Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya : Ngiyesaba abaJud a abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele. 20 Kepha uJeremiya wathi : Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe ; kuyakuba kuhle kuwe , umphefumulo wakho uphile. 21 Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi: 22 Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele ; bheka, bayakuthi: Abahlobo bakho abakhulu bakududile , bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakh e zishone exhaphozini, babuyele emuva. 23 Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho ; awuyikuphunyuka esandleni sabo , kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo. 24 USedekiya wayesethi kuJeremiya : Makungabikho mu ntu owazi lawa mazwi, funa ufe. 25 Uma izikhulu zizwa ukuthi ngikhulumile nawe , bese zifika kuwe , zithi kuwe: Ake usitshele okukhulumileyo enkosini , ungasifihleli khona , asiyikukubulala, nalokho inkosi eyakukhuluma kuwe, 26 uyakuthi kubo : Nganxusa enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona. 27 Zonke izikhulu zafika kuJeremiya , zambuza. Wazitshela onke lawa mazwi inkosi emyale ngawo. Zathula, zasuka kuye, ngokuba indaba ayizwakalanga. 28 Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo , kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.