Skip to Content

UJeremiya Isahluko 43

1 Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo , uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi, 2 kwakhuluma u -Azariya indodana kaHoshaya , noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo , bathi kuJeremiya : Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona, 3 kepha uBaruki indodana kaNeri ya ukuqhathanisa nathi ukuba sinikelwe esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbele eBabele. 4 UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda. 5 Kepha uJohanani ind odana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda, 6 abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi , nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yab alindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya, 7 bafika ezweni laseGibithe , ngokuba babengalilaleli izwi likaJehova ; bafika eThahipanesi. 8 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya eThahipanesi, lithi: 9 Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu , uwashiqele odakeni kuhonela ongasemnyango wendlu kaFaro eThahipanesi emehlweni abantu bakwaJuda, 10 uthi kubo : U sho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbam be uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, inceku yami , ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo. 11 Uyakufika, ashaye izwe laseGibithe , abokufa babe ngabokufa , abokuthunjwa babe ngabokuthunjwa, abenkemba babe ngabenkemba. 12 Ngiyakuphemba umlilo uyakuzishisa, athumbe onkulunkulu, embathe izwe laseGibithe njengomalusi embatha ingubo yakhe , aphume eGibithe ngokuthula. 13 Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe ; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.