Skip to Content

UJeremiya Chapter 6

1 Thuthani impahla eJerusalem a nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu. 2 Indodakazi yaseSiyoni etotosiweyo nethambileyo ngiyakuyinquma. 3 Abelusi bayakufika kuyo benemihlambi yabo , bamise amatende abo ngakuyo nxazonke, baluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe. 4 Zingcweliseleni ukulwa nayo ; vukani, sikhuphuke emini . Maye kithina ! Ngokuba ilanga liyaphenduka, namathunzi okuhlwa aselulekile. 5 Vukani, sikhuphuke ebusuku, sichithe izindlu zayo zamakhosi. 6 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Gawulani imithi yayo , ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema . Yiwo umuzi oyakuha njelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo. 7 Njengomthombo umpompoza amanzi awo, kanjalo umpompoza ububi bawo; ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo ; ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo. 8 Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wam i wahlukane nawe , funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa. 9 Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bayakuyikhothoza nokuyikhothoz a insali yakwa -Israyeli njengomvini ; buyisela isandla sakho emaqomen i njengobutha izithelo zomvini. 10 Ngiyakukhuluma kubani , ngifakaze ukuba bezwe , na? Bheka, izindlebe zabo azisokile, abanakulalela; bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo , abathokozi ngalo. 11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova , ngikhathele ukunyamezela. Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini , nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo , ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele. 12 Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye , amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sam i kwabakhileyo ezweni , usho uJehova. 13 Ngokuba kusukela kwabancane bab o kuya kwabakhulu bab o bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga. 14 Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami , bathi: Ngukuthula, ngukuthula, kepha akukho ukuthula. 15 Bayakuba namahloni , ngokuba benza izinengiso ; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo ; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova. 16 Usho kanje uJehova , uthi: Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle , nihambe ngayo , niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: Asiyikuhamba ngayo. 17 Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu , ngithi: Qaphelani ukukhala kwecilongo, kepha bathi: Asiyikukuqaphela. 18 Ngalokho zwanini nina zizwe , wazi wena bandl a ukuthi yintoni ephakathi kwabo. 19 Yizwa wena mhlaba ukuthi : Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo , ngokuba abaqaphelanga amazwi ami , nomthetho wami bawulahlile. 20 Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki , nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi. 21 Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe. 22 Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho ; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba. 23 Babamba umnsalo nomkhonto ; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi , behleliwe njengabantu abayakulwa , behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni. 24 Sizwile imibiko yalokho : izandla zethu ziyadangala ; usizi lusibambile , imihelo njengeyobelethayo. 25 Ningaphumeli endle , ningahambi endleleni , ngokuba isitha sinenkemba , navalo nxazonke. 26 Ndodakazi yabantu bami , bhinca indwangu yamasaka , uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa , ukukhala okumunyu , ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane. 27 Ngikubekile ukuba ube ngumhloli nenqaba phakathi kwabantu bami, wazi, uhlole indlela yabo. 28 Bahlubukile bonke nokuhlubuka , behamba behleba ; bayithusi nensimbi , bangabachithi bonke. 29 Izifutho ziyafutha , kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela ; impela bancibilikisela ize nje, ngokuba ababi abakhishwa. 30 Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo, ngokuba uJehova ubalahlile.