Skip to Content

UJobe Isahluko 11

1 Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi: 2 Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na ? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na? 3 Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na ? Nalapho ukloloda , akakho ongakuhlaza na? 4 Ngokuba uthi: Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho. 5 Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe, 6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha , ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu , ukuba kube kuhle kuwe , wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho. 7 Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na ? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na? 8 Kuphakeme njengezulu -- ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo -- ungazini na? 9 Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle. 10 Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na? 11 Ngokuba uyabazi abantu ababi; lapho ebona ukona, akayikukunaka na? 12 Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu. 13 Uma ulungisa inhliziyo yakho, welulele izandla zakho kuye; 14 uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho , ungahlalisi ububi ematendeni akho, 15 khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uqine, ungesabi. 16 Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho , ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo. 17 Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje. 18 Uyakuba nokwethemba , ngokuba ithemba likhona ; uyakuphendla, ulale ngokulondeka. 19 Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe. 20 Kepha amehlo ababi ayakufiphala ; abayikuba nandawo yokuphephela ; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.