UJobe Isahluko 26
1
Wayesephendula uJobe, wathi:
2
Usizile kanjani ongenamandla! Usindisile kanjani ingalo engenamandla?
3
Umlulekile kanjani ongenak uhlakanipha! Umemezile kangakanani ukuqonda!
4
Utshelwe ngubani lawo mazwi, nomoya kabani waphuma kuwe, na?
5
Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.
6
Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.
7
Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho ; uphanyeka umhlaba phezu kweze.
8
Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo.
9
Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi ; uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.
10
Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi , kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
11
Izinsika zezulu ziyathuthumela; ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.
12
Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi ; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.
13
Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula ; isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.
14
Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe , izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?