Skip to Content

UJobe Isahluko 29

1 UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi: 2 Sengathi ng a nginjengasezinyangeni zakuqala , njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo, 3 lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami , ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe, 4 yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami , lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami; 5 lapho uSomandla wabe esenami, nabantwana bami babe besangizungeza; 6 lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga , nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha. 7 Lapho n gaphuma ngaya esangweni ngasemzini , ngalungisa isihlalo sami esigcawini, 8 izinsizwa zangibona, zacasha, nezimpunga zasuka zema, 9 izikhulu zayeka ukukhuluma, zabeka izandla emilonyeni yazo; 10 izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo. 11 Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa, nalapho iso langibona, langifakazela. 12 Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalay o kanye nentandane engenamsizi. 13 Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami ; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula. 14 Ngembatha ukulunga , kwaba yisambatho kimi ; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi. 15 Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga. 16 Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya. 17 Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe. 18 Ngase ngithi : Ngiyakufa esidlekeni sami , ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi. 19 Impande yami iyazivulela amanzi ; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami; 20 udumo lwami lusha njalo kimi , umnsalo wami wenziwa musha esandl eni sami. 21 Abantu bangilalela belinda; bathula ngesiluleko sami. 22 Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma ; amazwi ami aconsela phezu kwabo. 23 Bangilindela njengemvula; bangikhamisela imilomo yab o njengokukhamisela imvula yamuva. 24 Ngabahleka bengenakukholwa; ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga. 25 Uma ngangikhethile izindlela zabo , ngangiyakuhlala emqoka , ngahlalisa okwenkosi empini, njengoduduza abalilayo.