UJobe Chapter 32
1
Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphen dula uJobe , ngokuba wayelungile emehlweni akhe.
2
Lwase luvutha ulaka luka -Elihu, indodana kaBarakeli , umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe , ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.
3
Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu , ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.
4
U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe , ngokuba bona babebadala kunaye.
5
Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.
6
U-Elihu, indodana kaBa rakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.
7
Ngathi: Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.
8
Nokho kukhona umoya kumuntu ; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
9
Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.
10
Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami.
11
Bhekani, ngilindele amazwi enu , ngabeka indlebe emiqondweni yenu , nisaphenya eniyakukusho.
12
Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJob e nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
13
Maningasho ukuthi : S ifumene ukuhlakanipha ; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.
14
Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.
15
Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.
16
Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli.
17
Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami.
18
Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.
19
Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo ; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.
20
Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke ; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
21
Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.
22
Ngokuba angikwazi uku thopha; uma kunjalo , uMenzi wami angangisusa masinyane.