Skip to Content

UJobe Chapter 4

1 Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi: 2 Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe , uyakukhathazeka na? Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na? 3 Bheka, uqondisile abaningi; uqinisile izandla ezibuthakathaka. 4 Amazwi akho amisile okhubekayo; usimamisile amadolo athuthumelayo. 5 Kepha sekufikile kuwe , uyakhathazeka; kuyakuthinta wena , uyashaywa luvalo. 6 Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini , nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na? 7 Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na ? Babhujiswaphi abalungileyo na? 8 Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna. 9 Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela. 10 Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela , namazinyo amabhongo ayaphuka. 11 Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango ; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka. 12 Kwanyenyiselwa kimi izwi, indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo. 13 Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku , lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima, 14 ngafikelwa yingebhe nokuthuthumel a okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami. 15 Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka. 16 Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi: 17 Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na ? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na? 18 Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi, nezingelosi zakhe uyazibeka icala; 19 kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka , abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu. 20 Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa ; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu. 21 Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?