UJobe Chapter 40
1
UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:
2
Osolayo uyakuphikisana noSomandla na ? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.
3
UJobe wamphendula uJehova, wathi:
4
Bheka, angiyinto yalutho ; ngingakuphendula ngokuthini na ? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.
5
Ngikhulumile kanye, angisayikuphendula, yebo, kabili, kepha angiqhubeki.
6
UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7
Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.
8
Imbala uyachitha ukwahlulela kwami , ungilahle ukuba ube ngolungileyo , na?
9
Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?
10
Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama, wembathe udumo nenkazimulo.
11
Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho , ubheke bonke abazidlayo , ubathobise.
12
Bheka bonke abaziphakamisayo , ubehlise phansi , unyathele ababi ezindaweni zabo.
13
Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.
14
Khona ngiyakukudumisa nam i ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.
15
Ake ubheke uBehemoti engamenza kanye nawe ; uyadla utshani njengenkabi.
16
Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe , nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17
Uqinisa umsila wakhe njengomsedari; imisipha yamathanga akhe yalukene.
18
Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi ; izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19
Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu; ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.
20
Izintaba ziyamvezela ukudla, lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.
21
Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunz i ekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.
22
Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo ; iminyezane yasemfuleni iyamphahla.
23
Bheka, noma kuphuphuma umfula , akethuki; uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.
24
Angabanjwa ebhekile, liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?