Skip to Content

UJona Chapter 1

1 Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: 2 Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami. 3 Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi , wehlela eJopha , wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi ; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo , aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova. 4 Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle , kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa. 5 Khona amatilosi esaba , akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo , aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo. 6 Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi , yathi: Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi. 7 Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe : Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu . Base benza inkatho ; inkatho yamudla uJona. 8 Base bethi kuye : Ake usitshele ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Umsebenzi wakho uyini ? Uvelaphi? Liphi izwe lakini , ungowasiphi isizwe na? 9 Wathi kubo : NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova , uNkulunkulu wasezulwini, owenzile ulwandle nomhlabathi owomileyo. 10 Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu , bathi kuye : Kuyini lokh u okwenzileyo na? Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova , lokhu ebatshelile. 11 Base bethi kuye : Siyakwenze njani kuwe , ukuze ulwandle luthule kithina , ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu. 12 Wathi kubo : Ngiphakamiseni, ningiphonse elwandle, bese luthula kini ulwandle, ngokuba ngiyazi ukuthi lesi siphepho esikhulu siphezu kwenu ngenxa yami. 13 Kepha amadoda agwedla ukuba abuyele emhlabathini , kepha ahluleka , ngokuba ulwandle lwaqhubeka lwaba nesiphepho kuwo. 14 Ayesekhala kuJehova, athi: Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala , ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho. 15 Amphakamisa uJona , amphonsa elwandle ; ulwandle lwase lupheza ukufutha. 16 Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu; ahlabela uJehova umhlatshelo, enza izithembiso. 17 UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona ; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.