Skip to Content

UJoshuwa Chapter 14

1 Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa -Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, 2 ngenkatho yefa labo, njengalokho uJe hova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe. 3 Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo. 4 Ngokuba abantwana bakwaJosefa ba be yizizwe ezimbili , oManase no - Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni , kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo. 5 Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, bahlukanisa izwe. Isabelo sikaKalebi 6 AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali ; uKalebi indodana kaJefune , umKhenizi, wathi kuye : Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya. 7 Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose , inceku kaJ ehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe , ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami. 8 Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu , kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. 9 UMose wafunga ngalolo suku , wathi: Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. 10 Manje bheka , uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyak a engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose , u-Israyeli esahamba ehlane ; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla. 11 Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo ; njengamandla am i ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni , ekuphumeni nasekungeneni. 12 Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku , ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama -Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo ; mhlawumbe uJehova uyakuba nami , ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova. 13 UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe yifa lakhe. 14 Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla , ngokuba wamlandela uJehova uNk ulunkulu ka -Israyeli ngokupheleleyo. 15 Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki. Izwe lase liphumula ekulweni.