Skip to Content

UJoshuwa Chapter 16

1 Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga , ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele; 2 saphuma eBethel e, saya eLuze , sadlula saya emkhawulweni wama -Araki ngase-Atharoti; 3 sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri ; ukuphuma kwaso kwakuselwandle. 4 Abantwana bakwaJosefa, oManase no-Efrayimi, base belidla ifa labo. 5 Umkhawulo wabantwana bakwa -Efrayimi ngemindeni yabo wawunje : umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi -Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla; 6 umkhawulo waphuma ngasentshonalanga ngaseMikemetha ngasenyakatho ; umkhawulo wawusujika ngasempumalanga, waya eTawanati Shilo, walidlula ngasempumalanga kwaseJanowa; 7 wehla eJanowa , waya e -Atharoti naseNahara , wafika eJeriko , waphumela eJordani. 8 Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga , wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo 9 kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa -Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo. 10 Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka -Efrayimi kuze kube namuhla , aba yizinceku zokusebenza.