Skip to Content

UJoshuwa Chapter 23

1 Kwathi emva kwezinsuku eziningi , lapho uJeho va esephumuzile u -Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi, 2 uJoshuwa wabiza wonke u -Israyeli, amalunga akhe , nezinhloko zakhe , nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: Sengimdala ngineminyaka eminingi; 3 nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo. 4 Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu , kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo , kuze k ufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga. 5 UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu , azidungule ebusweni benu , nilidle izwe lazo , njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini. 6 Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulots hiwe encwadini yomthetho kaMose , ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, 7 ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli, 8 kepha ninamathele k uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla. 9 Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla. 10 Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane , ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini. 11 Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu. 12 Ngokuba uma nibuyela emuva , ninamathele ensalini yalezo zizwe , zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini, 13 yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini , nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu , nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona. 14 Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke ; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho. 15 Kuyakuthi njengalokho zonke izinto ezinhle zenziwe kini akhuluma ngazo uJehova uNkulunkulu wenu kini , kanjalo uJehova ehlisele phezu kwenu zonke izinto ezimbi, aze anibhubhise kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona. 16 Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso , niye nikhonze abanye onkulunkulu , nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.