UJoshuwa Isahluko 3
1
UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu , basuka eShithimi, bafika eJordani , yena nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli.
2
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.
3
Zayala abantu, zathi: Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala , niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.
4
Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo , lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.
5
UJoshuwa wathi kubantu : Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.
6
UJoshuwa wakhuluma kubapristi , wathi: Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu . Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu.
7
UJehova wathi kuJoshuwa: Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose , kanjalo ngiyakuba nawe.
8
Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano , uthi: Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.
9
UJoshuwa wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Sondelani lapha , nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.
10
Wathi uJoshuwa : Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama- Amori, namaJebusi.
11
Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.
12
Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa - Israyeli, indoda ibenye ngesizwe.
13
Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abath wala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke , eyakuma emanzini aseJordani , amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.
14
Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani , abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu,
15
nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani , izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna,
16
ayesema amanzi avela ngenhla , afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani ; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela ; abantu base bewela maqondana neJeriko.
17
Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqi na emhlabathini owomileyo nga phakathi neJordani , abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.