UJoshuwa Isahluko 7
1
Kepha abantwana bakwa -Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u -Akani kaKarmi kaZabidi kaZera , owesizwe sakwaJuda , ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana ba kwa- Israyeli.
2
UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e -Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele , wakhuluma kuwo , wathi: Khuphukani, nilihlole izwe. Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.
3
Abuyela kuJoshuwa , athi kuye : Mabangakhuphuki bonk e abantu ; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu , alichithe i -Ayi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona , ngokuba bayingcosana nje.
4
Kwase kukhuphukela khona abantu abayizinkulungwane ezintathu , kepha babaleka phambi kwamadoda ase-Ayi.
5
Amadoda ase -Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha , abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi , ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.
6
UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe , wawa n gobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa , yena namalunga akwa - Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.
7
UJoshuwa wathi: Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama -Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!
8
O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na?
9
Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa , basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni ; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?
10
UJehova wathi kuJoshuwa: Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?
11
U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo , futhi bebile , baqambile amanga , bakubeka kweyabo impahla.
12
Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo , bayafulathela izitha zabo , ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
13
Suka ungcwelise abantu, uthi: Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho , ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
14
Kusasa niyakusondezwa ngezizwe zakini ; kuyakuthi isizwe asithathay o uJehova sisondele ngemindeni; umndeni awuthathayo uJehova uyakusondela ngezindlu; indlu ayithathayo uJehova iyakusondela ngabantu.
15
Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo , yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.
16
UJoshuwa wayesevuka ekuseni kakhulu , wasondeza u -Israyeli ngezizwe zakubo; isizwe sakwaJuda sathathwa.
17
Wayesesondeza imindeni yakwaJuda ; wathatha umndeni wakwaZera , wawusondeza umndeni wakwaZera ngabantu, kwathathwa uZabidi.
18
Wayisondeza indlu yakhe ngabantu ; u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera , owesizwe sakwaJuda, wathathwa.
19
UJoshuwa wayesethi ku -Akani: Ndodana yami , ake umnike uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli inkazimulo , uvume kuye , ungitshele okwenzileyo , ungangifihleli.
20
U-Akani wamphendula uJoshuwa , wathi: Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngenza ukuthi nokuthi.
21
Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari , namashekeli angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esing amashekeli angamashumi ayisihlanu , ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.
22
UJoshuwa wayesethuma izithunywa , zagijimela etendeni ; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi.
23
Zakukhipha phakathi kwetende , zakuyisa kuJoshuwa nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, bakubeka phansi phambi kukaJehova.
24
UJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli benaye bamthatha u -Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide , namadodana akhe , namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori.
25
UJoshuwa wayesethi: Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla. Bonke abakwa -Israyeli bamkhanda ngamatshe ; babashisa ngomlilo , babakhanda ngamatshe.
26
Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe ; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu . Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.