Skip to Content

UJoweli Isahluko 1

1 Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli. 2 Yizwani lokhu nina badala , nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni . Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na? 3 Kutsheleni abantwana benu , nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane. 4 Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane , nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa. 5 Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayin i ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu. 6 Ngokuba kwenyukele ezweni lam i isizwe esinamandla nesingenakubalwa ; amazinyo aso angamazinyo engonyama , namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi. 7 Sichithile umvini wami , saxebula umkhiwane wami ; siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla, amagatsha awo sawenza aba mhlophe. 8 Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka ngomyeni wobusha bayo. 9 Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila. 10 Amasimu achithekile , umhlabathi u yalila, ngokuba amabele achithiwe ; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma. 11 Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali, ngokuba isivuno samasimu sichithakele. 12 Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati, namasundu, nemi- apula, nemithi yonke yasendle kubunile , ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu. 13 Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu. 14 Ngcwelisani ukuzila ukudla , nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni , endlini kaJehova uNkulunkulu wenu , nikhale kuJehova. 15 Hawu lolo suku ! Ngokuba us uku lukaJehova lusondele , lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla. 16 Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu , intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na? 17 Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo ; izingobo zichithakele , izinqolobane zidiliziwe, ngokuba amabele omile. 18 Yeka, ukububula kwezilwane ! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile , ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala. 19 Ngikhala kuwe Jehova , ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo , nelangabi lishisile yonke imithi yasendle. 20 Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela , ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.