Skip to Content

UJoweli Chapter 3

1 Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi , lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema, 2 ngiyakubutha zonke izizwe , ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati , ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bam i nesabelo sami u -Israyeli, ezibahlakazile phakathi kwezizwe, zabela izwe lami. 3 Zenza inkatho ngabantu bami , zanika umfana ngesifebe, zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini, zaliphuza. 4 Niyini kimi, nina Tire neSidoni , nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na ? Niyakungibuyisela utho na ? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu, 5 njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami , nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu, 6 nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo. 7 Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo , ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu. 8 Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba , isizwe esikude, ngokuba uJehova ukhulumile. 9 Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe , ningcwelise impi , niwavuse amaqhawe; mawasondele, enyuke onke amadoda empi. 10 Khandani amakhuba enu abe yizinkemba , ocelemba benu babe yimikhonto, obuthakathaka asho ukuthi ngiyiqhawe. 11 Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke , nibuthane, wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova. 12 Mabazivuse abezizwe , benyukele esigodini sikaJehoshafati , ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke. 13 Fakani isikela , ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe ; ngokuba isikhamo sewayini sigcwele , nezikhongozelo ziyachichima , ngokuba ububi babo bukhulu. 14 Yizixuku ngezix uku esigodini sokwahlulela , ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela. 15 Ilanga nenyanga kuba mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo. 16 UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema ; izulu nomhlaba kuyazamazama , kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe , nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli. 17 Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wen u engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele ; iJerusalema liyakuba ngcwele , abafokazi abasayikulidabula. 18 Kuyakuthi ngalolo suk u izintaba ziconse iwayini elimnandi , amagquma agobhoze ubisi , yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi ; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi. 19 IGibithe liyakuba yincithakalo , u-Edomi abe yihlane lencithakal o ngenxa yendluzula e yenziwe kubantwana bakwaJuda , ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo. 20 Kepha uJuda uyakuhlala kuze kube phakade, neJerusalema ezizukulwaneni ngezizukulwane. 21 Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli , ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.