Skip to Content

ULevitikusi Isahluko 10

1 ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo , babeka impepho phezulu , banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo. 2 Kwaphuma umlilo nga phambi kukaJehova , wabaqeda, bafa phambi kukaJehova. 3 UMose wayesethi ku -Aroni: Yikho uJehova akukhuluma , ethi: Kubo abaseduze nam i ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa. U-Aroni wathula. 4 UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka- Aroni, wathi kubo : Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu. 5 Base besondela , babasusa bembethe amabhantshi abo , babakhiphela ngaphandle kwekamu, njengalokho eshilo uMose. 6 UMose wayesethi ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe : Ningathukululi izinwele zamakhanda enu , ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi , ingathukuthelelwa yonke inhlangano , kepha abafowenu , yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova. 7 Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu. Benza-ke njengezwi likaMose. 8 UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi: 9 Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla , wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu. 10 Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo, 11 nize nifundise abantwana bakwa -Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose. Izabelo zeminikelo zabapristi 12 UMose wakhuluma ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe -altare, ngokuba ungcwelengcwele, 13 niwudle endaweni engcwele , ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova ; ngokuba ngiyaliwe kanjalo. 14 Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe , ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli. 15 Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo ya manoni ukuba bakuzulise , kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova , kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile. 16 UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono ; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela o -Eleyazare no -Itamari amadodana ka -Aroni aseleyo , wathi: 17 Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano , niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na? 18 Bhekani, igazi lawo alingeniswanga phakathi endaweni engcwele ; bekufanele ngempela ukuba niwudlele endaweni engcwele , njengalokho ngayala. 19 U-Aroni wathi kuMose : Bheka-ke, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangomnikelo wabo wokushiswa phambi kukaJehova ; nokho ngehlelwe yilokhu mina ; uma bengidlile umnikelo wesono namuhla , bekuzakwamukeleka emehlweni kaJehova na? 20 Esezwile lokho uMose, kwaba kuhle emehlweni akhe.