Skip to Content

UNehemiya Chapter 11

1 Izinduna zabantu zahlala eJerusalema ; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJ erusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi. 2 Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema. 3 Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema ; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo , kwaba yilowo nalowo efeni lakhe : abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni. 4 EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini . Kubantwana bakwaJuda : ngu-Athaya ka -Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi, 5 noMahaseya kaBaruki , kaKholi Hoze , kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni. 6 Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili. 7 Nampa abantwana bakwaBenjamini : uSalu kaMeshulamu , kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya. 8 Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi , bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili. 9 UJoweli, indodana kaZikir i, wayengumbonisi; uJuda, indodana kaHasenuwa, wayengowesibili emzini. 10 Kubapristi: nguJedaya, indodana kaJoyaribi, noJakini, 11 noSeraya kaHilikiya , kaMeshulamu, kaSadoki, kaMerayoti, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu; 12 nabafowabo ababewenza ums ebenzi abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili , no-Adaya kaJerohamu , kaPhelaliya, ka-Amisi, kaZakariya, kaPhashuri, kaMalikhiya; 13 nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemoti, ka-Imeri; 14 nabafowabo, amaqhawe anamandla , beyikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo wayenguZabidiyeli , indodana kaHagedolimi. 15 KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni, 16 noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu, 17 noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo , no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni. 18 Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane. 19 Abalindisango o -Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili. 20 Abakwa-Israyeli abaseleyo , abapristi namaLevi , babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe. 21 AmaNethini ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini. 22 Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu -Uzi kaBani , kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka -Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu. 23 Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo , nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla. 24 UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu. 25 Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda : eKiriyati Araba nasemizaneni yalo , naseDiboni nasemizaneni yalo , naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo, 26 naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti, 27 naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo, 28 naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo, 29 nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi, 30 naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo , naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu. 31 Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aja, naseBethele nasemizaneni yalo, 32 nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya, 33 naseHasori, naseRama, naseGitayimi, 34 naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati, 35 naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi. 36 KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.