Skip to Content

UNehemiya Chapter 6

1 Kwathi lapho oSanibalati , noThobiya, noGeshemi wase -Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni, 2 oSanibalati noGeshemi bathumela kimi , bathi: Woza sihlangane komunye wemizana yasethafeni lase-Ono. Babehlose ukwenza okubi kimi. 3 Ngathuma izithunywa kubo , ngathi: Ngisebenza umsebenzi omkhulu , anginakwehla; umsebenzi ubuyakumelani, ngiwuyeke, ngehlele kini, na? 4 Bathumela kane kimi ngaleyo ndlela; ngabaphendula ngokunjalo. 5 USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu , iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo. 6 Kwakulotshwe kuyo ukuthi: Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi. 7 Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane. 8 Ngase ngithumela kuye , ngathi: Azikho izinto ezinjengalezo ozishoyo ; ziqanjwe nguwe enhliziyweni yakho. 9 Ngokuba bonke babesethusa bethi: Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa . Ngase ngikhuleka ngathi : Kepha manje , Nkosi, qinisa izandla zami. 10 Ngase ngiya endlini kaShem aya indodana kaDelaya kaMehetabeli owayezivalele. Wathi: Masihlangane endlini kaNkulunkulu phakathi kwethempeli, sivale iminyango yethempeli, ngokuba bayakufika ukukubulala, yebo, ebusuku bayakufika bakubulale. 11 Ngathi: Umuntu onjengami abaleke na ? Ngubani onjengami ongangena ethempelini, aphile, na? Angingeni. 12 Ngaqonda ukuthi uNkulunkulu wayengamthumile , kepha wakhuluma leso siprofetho ngami eqashiwe ngoThobiya noSanibalati. 13 Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe , ngenze kanjalo , ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze. 14 Ngakhuleka ngathi: Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo , nomprofethikazi uNohadiya , nabanye abaprofethi , ababengesabisa. Ukuphela kogange 15 Ugange lwaphela ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka -Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili. 16 Kwathi lapho zonke izitha zikuzwa lokho , abezizwe bonke abasizungezayo, besaba, bayetha, ngokuba baqonda ukuthi lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu. 17 Phezu kwalokho abakhulu bakwaJuda bathuma ngalezo z insuku izincwadi eziningi kuThobiya, nezikaThobiya zafika kubo. 18 Ngokuba abaningi bakwaJuda babefungile kubo , ngokuba wayengumkhwenyana kaShekaniya indodana ka -Ara; indodana uJehohanani yayithathile indodakazi kaMeshulamu indodana kaBerekiya. 19 Bakhuluma ngezenzo zakhe ezinhle phambi kwami, bamukisa kuye amazwi ami. UThobiya wathuma izincwadi ukungesabisa.