UNumeri Isahluko 1
1
UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:
2
Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo , bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
3
kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi , wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.
4
Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe , yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.
5
Lawa angamagama amadoda ayakuma nani : kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.
6
KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
7
KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
8
Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.
9
KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.
10
Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
11
KwaBenjamini: u-Abidani indodana kaGideyoni.
12
KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
13
Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana ka-Okirani.
14
KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.
15
KwaNafetali: u-Ahira indodana ka-Enani.
16
Yilabo ababebizwa enhlanganweni , izikhulu zezizwe zawoyi se; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.
17
OMose no-Aroni base bethatha lawo madoda aseshiwo ngamagama.
18
Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili , basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , ngezinhloko zabo.
19
Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi.
20
Abantwana bakwaRubeni , izibulo lika -Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wam agama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
21
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaRubeni , babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
22
Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise , labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama , ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
23
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaSimeyoni , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
24
Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
25
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaGadi , babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
26
Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise nj engokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
27
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaJuda , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
28
Kubantwana bakwa -Isakare, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , bonke abangaphuma impi:
29
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwa -Isakare, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
30
Kubantwana bakwaZebuloni , izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , bonke abangaphuma impi:
31
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaZebuloni , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
32
Kubantwana bakwaJosefa , okungukuthi kubantwana bakwa -Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabi li, bonke abangaphuma impi:
33
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwa -Efrayimi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
34
Kubantwana bakwaManase , izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , bonke abangaphuma impi:
35
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaManase , babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
36
Kubantwana bakwaBenjamini , izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , bonke abangaphuma impi:
37
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaBenjamini , babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
38
Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
39
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaDani , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
40
Kubantwana bakwa -Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu , bonke abangaphuma impi:
41
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
42
Kubantwana bakwaNafetali , izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama , kusukela kwabenminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
43
labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaNafetali , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
44
Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu -Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.
45
Bonke ababalwayo babantwana bakwa -Israyeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,
46
bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisith upha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
47
Kepha amaLevi ngokwesizwe sawoyise awabalwanga phakathi kwabo.
48
Ngokuba uJehova wakhuluma kuMose, wathi:
49
Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala , ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli,
50
kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi , naphezu kwazo zonke izimpahla zalo , nakho konke okwalo ; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.
51
Ekusukeni kwetabernakele amaLevi ayakulisusa , ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
52
Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ekamu labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamabandla abo.
53
Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi , ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.
54
Abantwana bakwa -Israyeli benze njalo ; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.