UNumeri Isahluko 30
1
UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa -Israyeli, ethi: Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi:
2
Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile , akayikwaphula izwi lakhe ; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.
3
Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova , azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha,
4
uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye , izithembiso zakhe zonke ziyakuma , nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
5
kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo , akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele.
6
Uma engowendoda , izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe,
7
indoda yakhe bese ikuzwa , ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo , izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
8
kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo , iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwak he nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.
9
Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo , konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.
10
Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe , noma ebophe nge sibopho umphefumulo wakhe ngesifungo,
11
indoda yakhe bese ikuzwa , ingasho lutho kuye , ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma , nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;
12
kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo , konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefu mulo wakhe akuyikuma ; indoda yakhe ikwenzile ize ; uJehova uyakumthethelela.
13
Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.
14
Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku , iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo;
15
kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.
16
Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo , naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.