Skip to Content

UNumeri Chapter 32

1 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi , nalapho belibona iz we laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo, 2 abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose , naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi: 3 I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni, 4 izwe alinqoba uJehova phambi kwenhlangano ka-Israyeli liyizwe lezinkomo, futhi izinceku zakho zinezinkomo. 5 Bathi futhi : Uma sifumene umusa emehlweni akho , leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani. 6 UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni : Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na? 7 Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa -Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na? 8 Benze njalo oyihlo mhl a ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe. 9 Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase -Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona. 10 Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi: 11 Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu , akayikubona noyedwa izwe engalifungela u -Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo, 12 ngaphandle kukaKalebi i ndodana kaJefune , umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo. 13 Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa -Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane , saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova. 14 Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli. 15 Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu. 16 Basondela kuye , bathi: Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi; 17 kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome , sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo , abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni. 18 Asiyikubuyela ezindlini zethu , abantwana bakwa -Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo. 19 Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili , lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga. 20 UMose wayesethi kubo : Uma nenza lokhu , uma nihloma ukuba nihambe phambi kukaJehova, niphume impi, 21 kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova , aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe, 22 izwe linqotshwe phambi kukaJehova , khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku -Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova. 23 Kepha uma ningenzi njalo , bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana. 24 Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu , nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu. 25 Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose , bathi: Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala. 26 Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi, 27 kepha izinceku zakho ziyakuwela , kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa , phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami. 28 UMose wayeseyala u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni , nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo. 29 UMose wathi kubo: Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa , phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo; 30 kepha uma bengaweli nani behlomile , bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani. 31 Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi : Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo. 32 Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi k ukaJehova sihlomile , izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani. 33 UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka -Ogi inkosi yaseBashani , izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke. 34 Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri, 35 ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha, 36 neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu. 37 Abantwana bakwaRubeni bab uye bakha iHeshiboni , ne-Elehale, neKiriyatayimi, 38 neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima ; banika imizi abayakhayo amanye amagama. 39 Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi , balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo. 40 UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo. 41 UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo , wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire. 42 UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo , walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.