Skip to Content

UNumeri Chapter 34

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 Yala abantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo: Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo -- 3 uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini , lugudle elakwa - Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, 4 umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lwe-Akarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi Barineya , uye eHasari Adari , uze ufike e-Asimoni, 5 umkhawulo ujike ngase -Asimoni, uye emfule ni waseGibithe , uphume elwandle. 6 Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba luLwandle Olukhulu , lona lube ngumkhawulo wenu wasentshonalanga. 7 Lokhu kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho : kusukela eLwandle Olukhulu anoziphawulela intaba yaseHori; 8 kusukela enta beni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati , umkhawulo uphume eSedadi, 9 andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari Enani; lokho kuyakuba ngumkhawulo wenu wasenyakatho. 10 Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga , usukela eHasari Enani uze ufike eShefamu; 11 umkhawulo wehle eShefamu , uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo , uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, 12 umkhawulo wehlele eJordani , uphume ngaseLwandle Lukasawoti ; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke. 13 UMose wayala abantwana b akwa-Israyeli, wathi: Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye, 14 ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu z awoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo; 15 lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe 16 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17 Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu : u- Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni. 18 Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu. 19 Yilawa-ke amagama amadoda : esizweni sakwaJuda : nguKalebi indodana kaJefune. 20 Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni : nguShemuweli indodana ka - Amihudi. 21 Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni. 22 Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili. 23 Kubantwana bakwaJosefa : esizweni sabantwana bakwaManase : yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi. 24 Esizweni sabantwana bakwa -Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani. 25 Esizweni sabantwana bakwa Zebuloni: yisikhulu u-Elisafani indodana kaParinaki. 26 Esizweni sabantwana bakwa -Isakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka - Azani. 27 Esizweni sabantwana bakwa Asheri : yisikhulu u -Ahihudi indodana kaShelomi. 28 Esizweni sabantwana bakwaNafetali : yisikhulu uP edaheli indodana ka - Amihudi. 29 Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwa -Israyeli ifa ezweni laseKhanani.