Skip to Content

UNumeri Isahluko 36

1 Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase , abemindeni yamadodana kaJosefa , zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli, 2 zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa -Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho ; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe. 3 Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa -Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu. 4 Lapho liyakuba khona ijubili lab antwana bakwa-Israyeli, ifa lawo liyakuthasiselwa efeni lalesosizwe ayakuba ngawaso , ifa lawo lisuswe efeni lesizwe sawobaba. 5 UMose wabayala abantwana bakwa -Israyeli njengezwi likaJehova , wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle. 6 Yilokho ayala ngakho uJehova ngamadodakazi kaSelofehadi , ethi: Mawagane njengokuhle emehlweni awo , kodwa agane nokho emndenini wesizwe sikayise. 7 Ifa labantwana bakwa -Israyeli aliyikuhamba izizwe ngezizwe , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli bayakunamathela , kube yilowo nal owo efeni lesizwe sawoyise. 8 Yileyo naleyo ndodakazi enefa esizweni esithile sabantwana bakwa -Israyeli iyakuba ngumfazi womndeni wesizwe sikayise , ukuze yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli abe nefa lawoyise. 9 Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba i zizwe zabantwana bakwa - Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso. 10 Njengalokho uJehova emyalile uMose , enze njalo -ke amadodakazi kaSelofehadi, 11 ngokuba oMahela , noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana awoyisekazi. 12 Agana emindenini yamadodana kaManase indodana kaJosefa , nefa lawo lahlala esizweni somndeni kayise. 13 Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwa -Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.