Skip to Content

UNumeri Chapter 5

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2 Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu bonke abanochoko , nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo, 3 nikhiphe abesilisa nabesifazane , nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo. 4 Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babakhiphela ngaphandle kwekamu; njengalokho uJehova ekhulume kuMose , benze njalo -ke abantwana bakwa - Israyeli. Isijeziso sokuphambana noJehova 5 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 6 Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova , lowo muntu abeseba necala, 7 uyakuvuma isono sakhe asenzileyo , alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo , athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye. 8 Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala , inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi , ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo. 9 Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa- Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe. 10 Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe ; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe. Imithetho yomfazi ophingayo 11 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 12 Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye, 13 alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe , kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga, 14 afikelwe ngumoya wesikhwele , abenesikhwele ngomkakhe , yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga, 15 indoda iyakuletha umkayo kumpristi , imlethele umnikelo wakhe , ube ngokweshumi kwe-efa lempuphu yebhali , angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo , ngokuba kungumnikelo w empuphu wesikhwele , umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi. 16 Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova, 17 umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba , athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele, alufake emanzini, 18 umpristi amb eke owesifazane phambi kukaJehova , athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele ; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso. 19 Umpristi amfungise , athi kowesifazane: Uma kungalalanga ndoda nawe , ungadukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho , mawukhululeke kulawa manzi ababayo aveza isiqalekiso; 20 kepha uma udukile usephansi kwendoda yakho , futhi ungcolisiwe, kulale nawe enye indoda ngaphandle kwendoda yakho, 21 umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso , umpristi athi kowesifazane: UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho , avuvukalise isisu sakho. 22 Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho. Owesifazane uyakuthi: Amen! Amen! 23 Umpristi uyakubala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo, 24 aphuzise owesifazane amanzi ababayo aveza isiqalekiso ; amanzi aveza isiqalekiso ayakungena kuye, ababe. 25 Umpristi uyakuthatha umnikelo wempuphu wesikhwele esandleni sowesifazane, azulise umnikelo wempuphu phambi kukaJehova, awulethe e- altare; 26 umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu , ube yisikhumbuzo sawo, awushise e -altare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi. 27 Nxa esemphuzisile amanzi , kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe , amanzi aveza isiqalekiso angene kuye , ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane , owesifazane aqa lekiswe phakathi kwabantu bakubo. 28 Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile , uyakukhululeka, athole inzalo. 29 Lowo ungumthetho wesikhwele, lapho umfazi esephansi kwendoda yakhe eduka, angcoliswe, 30 noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesik hwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova , umpristi agcine wonke lo mthetho kuye. 31 Indoda iyakukhululeka ebubini , kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.