Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.
Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa ; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.
Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.
Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo , nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho.
Maye kubo , ngokuba bahamba endleleni kaKayini , bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!