Wazinikela esandleni sezinceku amaqambi ngamaqambi, wathi ezincekwini zakhe: Dlulani ngaphambi kwami , nenze ibanga phakathi kweqambi neqambi.
Kubantu wathi: Dlulani, niwuzungeze umuzi, abahlomileyo badlule phambi komphongolo kaJehova.
Dlulani eziqhingini zaseKitimi , nibone, nithume eKedari , niqonde kahle , nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?
Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo ; abakhe eSawanani abaphumi; ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona.