Skip to Content

UMika Chapter 1

1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu , no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda , owalibona ngeSamariya neJerusalema. 2 Zwanini, bantu bonke , uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho , iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele. 3 Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe , ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba. 4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe , nezigodi ziyakuqhekezek a njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni. 5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na? 6 Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendl e nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo. 7 Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa , nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo , nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo , ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe; kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe. 8 Ngenxa yalokho ngiyakukhala , ngihhewule, ngihambe ngihlutshuliwe , ngihamba ze; ngenze isililo njengamakhanka, ngikhale njengezintshe. 9 Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa , lokhu sekufikile nakwaJuda, kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema. 10 Ningakulandisi eGati, ningakhali e-Akha; eBeti Afera huquzelani othulini. 11 Dlulani nina enakhileyo eShafiri ngobunqunu nangehlazo ; abakhe eSawanani abaphumi; ukukhala kwaseBeti Eseli akunivumeli ukuhlala khona. 12 Ngokuba abakhe eMaroti banemi helo ngokuhle , lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema. 13 Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane , nina enakhileyo eLakishi ; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni , ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe. 14 Ngalokho uyakupha iMoresheti Gati isipho sokuvalelisana ; izindlu zase - Akizibi ziyakuba yinkohliso kuwo amakhosi akwa-Israyeli. 15 Ngisezakwehlisa phezu kwen u enakhileyo eMaresha oyakunidla : udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu. 16 Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho , wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.