Skip to Content

UMika Chapter 2

1 Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo. 2 Bafisa amasimu , bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe. 3 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni , eningayikukhipha kukho izintamo zenu ; futhi ningahambi ngokuzidla , ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi. 4 Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani , bakhale isililo , bathi: Sichithiwe nokuchithwa ; isabelo sabantu bami sinikwa omunye ; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu. 5 Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova. 6 Ningaprofethi, baprofetha, basho njalo , ningaprofethi ngalokho ; ihlazo aliyikusifica. 7 Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe , ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile ; yizenzo zakhe lezi na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho? 8 Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha ; nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba, befulathele ukulwa. 9 Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo , nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade. 10 Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu ; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla. 11 Uma bekuhambahamba umunt u okhuluma umoya nje namanga , athi: Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla , ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu. 12 Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho ; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira , njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo , kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu. 13 Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo ; sebefohlile, badlulela esangweni, baphuma ngalo; inkosi yabo idlulile phambi kwabo, noJehova usesihlokweni sabo.