UMika Isahluko 3
1
Ngathi: Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe , nani zikhulu zendlu yakwa - Israyeli ukuthi: Akusikho okwenu ukwazi ukulunga
2
nina enizonda okuhle , nithanda okubi , enebula kubo isikhumba sabo , nenyama yabo emathanjeni abo,
3
enidla inyama yabantu bami , nihlinza kubo isikhumba sabo , naphula amathambo abo , yebo, nibaqoba njengokwasekhanzin i nanjengenyama phakathi kwebhodwe.
4
Khona bayakukhala kuJehova , kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.
5
Usho kanje uJehova : Ngabaprofethi abadukisa abantu bami , abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo, bamemeze bathi: Ukuthula, nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.
6
Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono , kuhlwe kini , ningabe nisabhula ; ilanga liyakushonela abaprofethi , usuku lube mnyama phezu kwabo.
7
Ababoni bayakuba namahloni, ababhuli bayangaze; bayakumboza amadevu abo bonke, ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.
8
Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehov a ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe , u-Israyeli izono zakhe.
9
Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa- Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,
10
enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,
11
elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo , nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: UJehova akaphakathi kwethu na? Asiyikwehlelwa ngokubi.
12
Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.