Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.
Haleluya! Dumisani nina zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova.
Dumisani uJehova nina bezizwe zonke, nimbabaze nina bantu bonke.
Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova
Dumisani uJehova , ngokuba uJehova muhle ; hubelani igama lakhe , ngokuba limnandi.
Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu.
Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele , nimdumise emkhathini wakhe wamandla.
nokuthi: Dumisani iNkosi nina nonke bezizwe , niyibabaze, nina bantu bonke.
Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi , lithi: Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.