Ezinye izindaba zika Jehoshafati, namandla awabonakalisayo , nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
wathi: Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema , nawe nkosi Jehoshafati : usho kanje kini uJehova , uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu , ngokuba impi ayisiyo eyenu , ngekaNkulunkulu.