Skip to Content

1 AmaKhosi Isahluko 22

1 Bahlala iminyaka emithathu kungekho ukulwa phakathi kwe -Aramu no - Israyeli. 2 Kwathi ngomnyaka wesithathu uJehoshafati inkosi yakwaJud a wehlela enkosini yakwa-Israyeli. 3 Inkosi yakwa-Israyeli yathi ezincekwini zayo: Niyazi ukuthi iRamoti Gileyadi lingelethu na? Kepha siyathula, asilikhiphi esandleni senkosi yase-Aramu. 4 Yathi kuJehoshafati : Uyakuhamba nami ukulwa neRamoti Gileyadi na ? UJehoshafati wathi enkosini yakwa -Israyeli: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho, amahhashi ami anjengamahhashi akho. 5 Kepha uJehoshafati wathi enkosini yakwa -Israyeli: Ake ubuze namuhla izwi likaJehova. 6 Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abapr ofethi kungathi abantu abangamakhulu amane , yathi kubo : Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi , noma ngiliyeke na ? Bathi: Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi. 7 Kepha uJehoshafati wathi : Akusekho mprofethi kaJehova lapha ukuba sibuze kuye na? 8 Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Kusekhona umuntu munye , uMikhaya, indodana kaJimila , esingabuza ngaye kuJehova , kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi . Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo. 9 Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza induna , yathi: Landa masinyane uMikhaya indodana kaJimila. 10 Inkosi yakwa -Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi , kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi , bembethe izambatho zabo , esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo. 11 USedekiya indodana kaKhenahana wazenzela izimpondo zensimbi , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu aze aphele. 12 Bonke abaprofethi baprofetha kanje , bathi: Yenyukela eRamoti Gil eyadi, ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi. 13 Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye , sathi: Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye ; ngalokho izwi lakho malibe njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle. 14 Kepha uMikhaya wathi : Kuphila kukaJehova , lokhu uJehova akushoyo kimi, lokhu ngiyakukhuluma khona. 15 Esefikile enkosini , inkosi yathi kuye : Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma siliyeke , na? Wathi kuyo: Yenyuka, ube nempumelelo ; uJehova uyakulinikela esandleni senkosi. 16 Yayisithi kuye inkosi : Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na? 17 Wayesethi: Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi : Laba abasenankosi ; mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula. 18 Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli kuJehoshafati: Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela. 19 UMikhaya wathi : Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi : Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi , nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe. 20 UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga u-Ahabi ukuba enyuke afele eRamoti Gileyadi na? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi. 21 Kwavela umoya, wema phambi kukaJehova, wathi: Mina ngiyakumyenga. UJehova wathi kuye: Ngantoni na? 22 Wathi: Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke. Wayesethi: Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo. 23 Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalaba baprofethi bakho bonke; uJehova ukhulumile okubi ngawe. 24 USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaph i ukuba akhulume kuwe na? 25 Wathi uMikhaya : Bheka, uyakukubona ngalolo suku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe. 26 Inkosi yakwa -Israyeli yathi : Mthathe uMikhaya , umbuyisele ku -Amoni, umbusi womuzi, nakuJowashi indodana yenkosi, 27 uthi: Isho kanje inkosi , ithi: Fakani lona etilongweni , nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila. 28 Wayesethi uMikhaya : Uma ubuya impela ngokuphila , uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina bantu bonke. 29 Inkosi yakwa -Israyeli, noJehoshafati, inkosi yakwaJuda , base benyukela eRamoti Gileyadi. 30 Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho . Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, yangena ekulweni. 31 Kepha inkosi yase -Aramu ibiyalile izinduna ezingamashumi amathathu nambili zezinqola zayo ngokuthi : Ningalwi namuntu , omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa. 32 Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Impela lo uyinkosi yakwa -Israyeli. Zase ziphambuka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza. 33 Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa - Israyeli, zabuya ekumlandeleni. 34 Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungaze leli nje , wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi , yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe. 35 Ukulwa kwaqina ngalolo suku ; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni. 36 Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu lonke isimemo sokuthi : Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo. 37 Yafa-ke inkosi, yayiswa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya. 38 Sebeyihlanza inqola echibini laseSamariya , izinja zaxhapha igazi lakhe , nezifebe zageza khona njengezwi likaJehova abelikhulumile. 39 Ezinye izindaba zika -Ahabi, nakho konke akwenzayo , nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo , nayo yonke imizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 40 U-Ahabi wayeselala koyise; u-Ahaziya waba yinkosi esikhundleni sakhe. UJehoshafati uyinkosi kwaJuda; u-Ahaziya uyinkosi kwa-Israyeli 41 UJehoshafati indodana ka -Asa waqala ukubusa kwaJuda ngomnyaka wesine ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli. 42 UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi. 43 Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise , kaphambukanga kuzo , enza okulungile emehlweni kaJehova . Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela , babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. 44 UJehoshafati wenza ukuthula nenkosi yakwa-Israyeli. 45 Ezinye izindaba zika Jehoshafati, namandla awabonakalisayo , nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 46 Insali yezifebe zethempeli ezazisasele emihleni kayise u -Asa wayixosha ezweni. 47 Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli. 48 UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e -Ofiri ukulanda igolide , kepha ayihambanga , ngokuba imikhumbi yaphuka e - Esiyoni Geberi. 49 Khona u -Ahaziya indodana ka -Ahabi wathi kuJehoshafati : Izinceku zami mazihambe nezinceku zakho emikhunjini. Kepha uJehoshafati akavumanga. 50 UJehoshafati wayeselala koyise , wembelwa koyise emzini kaDavide uyise ; uJehoramu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 51 U-Ahaziya indodana ka -Ahabi waqala ukubusa kwa -Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaJehoshafati inkosi yakwaJuda , wabusa iminyaka emibili kwa-Israyeli. 52 Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise, nangendlela kanina, nangendlela kaJerobowamu indodana kaNebati ayonisile u-Israyeli. 53 Wakhonza uBali , wakhuleka kuye , wacunula uJehova , uNkulunkulu ka - Israyeli, njengakho konke akwenzileyo uyise.