1 AmaKhosi Chapter 21
1
Kwathi emva kwalezo zinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.
2
U-Ahabi wakhuluma kuNaboti , wathi: Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande sami semifino , ngokuba siseduze nendlu yami , ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso ; kepha uma kukuhle emehlweni akho , ngiyakukunika isiliva libe yintengo yaso.
3
Wayesethi uNaboti ku -Ahabi: Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.
4
U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme , ethukuthele ngen xa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli ; ngokuba wayeshilo ukuthi : Angiyikukunika ifa lawobaba . Walala embhedeni , waphendula ubuso, akadlanga lutho.
5
Kepha kwase kufika kuye u -Izebeli umkakhe , wakhuluma kuye , wathi: Uhlunameleni umoya wakho ukuba ungadli lutho na?
6
Wathi kuye : Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli , ngathi kuye : Ngiphe isivini sakho ngesiliva ; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.
7
Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa - Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.
8
Wayeseloba izincwadi egameni lika -Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithuma izincwadi kumalunga nakwab akhulu ababesemzini wakhe, abakhe kanye noNaboti.
9
Waloba ezincwadini ukuthi : Memezelani ukuzila ukudla , nimbeke uNaboti emqoka kubantu,
10
nibeke amadoda amabili , abantu ababi , phambi kwakhe , afakaze ngaye ngokuthi: U thukile uNkulunkulu nenkosi , bese nimkh iphela ngaphandle , nimkhande ngamatshe, afe.
11
Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kuka-Izebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithume kuwo.
12
Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.
13
Lawo madoda amabili , abantu ababi , angena, ahlala phambi kwakhe ; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi. Base bemkhiphela ngaphandle komuzi , bamkhanda ngamatshe , wafa.
14
Base bethumela ku-Izebeli, bethi: UNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa.
15
Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u- Izebeli wathi ku -Ahabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli , enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.
16
Kwathi u -Ahabi esezwile ukuthi uNaboti ufile , u-Ahabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla. U-Ahabi usolwa ngu-Eliya
17
Izwi likaJehova lase lifika ku-Eliya waseThishibi, lathi:
18
Suka wehle , umhlangabeze u -Ahabi, inkosi yakwa -Israyeli, oseSamariya; bheka, usesivinini sikaNaboti, lapho ehlele khona ukusidla.
19
Uyakukhuluma kuye ngokuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na ? Bese wukhuluma kuye ngokuthi : U sho kanje uJehova , uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNa boti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.
20
Wayesethi u -Ahabi ku -Eliya: Usungitholile wena sitha sami na ? Wathi: Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.
21
Bheka, ngiyakukwehlisela okubi , ngikukhukhule, nginqume k u-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli;
22
ngiyakwenza indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka -Ahiya ngenxa yesicunulo ongicunule ngaso, wonisa futhi ngaso u-Israyeli.
23
Nango-Izebeli uJehov a wakhuluma , wathi: Izinja ziyakumudla u -Izebeli ngasogangeni lwaseJizreyeli.
24
Owakwa-Ahabi ofela emzini izinja ziyakumudla , nofela endle izinyoni zezulu ziyakumudla.
25
Kepha akubangakho onjengo -Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.
26
Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama -Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
27
Kwathi u -Ahabi esezwile lawo mazwi , waklebhula izingubo zakhe , wembatha indwangu yamasak a emzimbeni wakhe , wazila ukudla , walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.
28
Izwi likaJehova lafika ku-Eliya waseThishibi, lathi:
29
Ubonile yini ukuthi u -Ahabi uyazithoba phambi kwami na ? Ngokuba ezithoba phambi kwami angiyikwehlisa okubi emihleni yakhe ; kepha emihleni yendodana yakhe ngiyakwehlisela indlu yakhe okubi.