uphakamise lesi saga n genkosi yaseBabele , uthi: Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa!
Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa -Israyeli sokuthi: Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile, na?
Ngalokho thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga , bangabe besafanisa ngaso kwa -Israyeli, kepha khuluma kubo ngokuthi: Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.
Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi, na?
Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, akusayikubakho ukulinganisa ngalesi saga kwa-Israyeli.
Wathi kubo : Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi : Nyanga, zelaphe wena. Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.